Incwadi
Kukhala uthekwane kufakaze ingududu
Izwe selaphathwa ngabanye ngiqinisile
Ungadideki ngithunyiwe isithunyiwe isithunywa asoni njengomoni
Kuntwela enzansi ukusa kwaziwa
Ungafunga ukuthi ngiyobqnga emfuleni kanti phinde akunjalo
Ngithunywe umneumnewethu kuleya nkosazane emhlophe okwezihlabathi zolwandle
Esho ngamehlo asankomo yona engafifiyeli
Ingichaza mayilususa ilubeka unyawo
Ikhetha amabala njengongacathulele
Ungadideki angazi anginalwazi ngiyisithunywa
Ngiyinhloli bengincoma nkosazane
Incwadi le engiyiphethe angisazi ibhalwe ukuthini
Kepha oyibhalile ngiyamazi
Mina ngiyiposi ngibuke ngiwumkhonzo
Engifisa ukukwazi ukuthi umbhali walencwadi uyamthanda yini?
|